Izulu belibafazi bedub’inyama li-nanazela izinhliziyo zezimfamona.
Kuheleza umsinga obandayo, izi-hlahla zintenga okomhlanga ema-nzini.
Ukuhwaqabala kwezulu kuphelele obala ngenkathi kuqhamuka isingqazu sikamakoti, ecothoza kancane eqonde kumkhwenyana wakhe obesemli-
nde ngabomvu.
Le mfudumalo ilethwa ukumamatheka kwakhe ngenkathi ebingelela izimenywa zakhe eziphakamisela isandla njengoba esondela kumyeni wakhe, uSkhuthazo Winston Khanyile (SK).
Ngenkathi amehlo abo ehlangana kuqhume izinhlansi zothando emehlweni abo bobabili.