UMA umbukela kude uvele umenqene uZindzi Mandela (52).
Mhlawumbe kwenziwa ukuthi owesibongo sakwaMadiba.
Yilapho usuhlala naye phansi nijula lapho ubona khona ukuthi lo mama wezingane eziyisi-8, oyindodakazi yesibili yengqungqulu nowayengumongameli wakuleli uNelson Mandela nowayengumama wesizwe uWinnie Madikizela-Mandela akukhona nje ukuthi ibhekene nengwadla ngokwenziwa ngabemithombo yezindaba ngokugula kukayise kodwa iyazama nokuba nguma- ma oqotho endodakazini yayo uZoleka (33), osekutholakale ukuthi unomdlavuza webele.
Ngokungananazi uqala ingxoxo yethu ngokusho ukuthi yena akasiyena usopolitiki noma usaziwayo kodwa uphila impilo ethandwa nguyena.