IsiZulu siyasho ukuthi oyishayile akakayosi noseyosile akakayidli noseyidlile udle icala. Onke amehlo abethe njo kulezi zithandani ezimbili zalapha eMzansi.
Nokho beselidumela emansumpeni sekubonakala ukuthi zingawushaya noma yinini.
Phela besekulolwe namazinyo, aselungele ukudla inyama.
Kodwa osibhincamakhasane kwangathi bathi sekuphelile phakathi kukanozinti weBafana Bafana, u-Itumeleng Khune nobeyingoduso yakhe ongumethuli wezinhlelo ku-TV uMinenhle odume “ngoMinnie” Dlamini.