News24

Akucaci ngamakhasimende e-1Time

2012-11-05 10:31

Johannesburg - Amakhasimende akhokhe ukheshi ngesikhathi ethenga amathikithi e-1Time kungenzeka angabuyiselwa izimali zawo, ngokusho kombiko ngoMsombuluko.

I-The Star icaphune isikhulumi se-1Time uRefilwe Masemola ethi baxinekile ngodaba lokukhokhela amakhasimende akhokha ukheshi.

"Uma ukhokhe nge-credit card, ungafonela ibhange lakho banohlelo lwe-chargeback. Angazi kodwa ukuthi luzothatha isikhathi esingakanani," kusho uMasemola.

"Ngeke ngiphawule ngalabo abakhokhe ukheshi, kuzomele ngiithole kahle kwabebhizinisi ngoMsombuluko,"

UMasemola ubhale kuFacebook eluleka amakhasimende ngokuthi angabuyiselwa kanjani imali emabhange, kubike i-The Star, ayikho imininingwane ekhishiwe ngabakhokhe ukheshi.

Amabhange akwa-ABSA, Nedbank, First National Bank kanye no-Standard Bank amemezele ukuthi azowabuyisela amakhasimende awo imali akhokhe esebenzisa amakhadi awo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter