News24

Aqashwe ngokugcwele amaphoyisa eTheku

2012-12-12 10:04

Durban - Kulandela iziteleka esezidonse unyaka zamaphoyisa kaMasipala weTheku, lo mkhandlu usugcine uqashe ngokugcwele amaphoyisa angaphezu kuka-1 000 abengamatoho, kubika iThe Mercury ngoLwesithathu.

La maphoyisa angu-1 229 aqashwe ngokugcwele ngasekuqaleni kwale nyanga.

La maphoyisa, angaphansi kweSA Municipal Workers' Union (Samwu) abelokhu ekhale njalo ethi akuxoshwe isikhulu sawo u-Eugene Nzama.

Ngokwaleli phephandaba, uNzama usenikezwe isiphakamiso sokuthi aholelwe umholo wakhe weminyaka emibili ehlezi ekhaya noma ayiswe kolunye uphiko.

Akakamukeli siphakamiso kulezi ezimbili.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter