News24

Gordhan: Sinenhlanhla ngerandi elinamandla

2011-05-04 12:42

Johannesburg - UNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan uthi kuyinto enhle ukuthi irandi linamandla ngakho-ke liyakwazi ukubekezelela ukunyuka kwamanani okudla nowoyela kwamazwe omhlaba.

"Kuyakhathaza-ke kona ukuthi kunoshintsho oluningi olwenzekayo," kusho uGordhan etshela izindaba ze-SABC ngesikhathi ebuzwa ukuthi uhulumeni ngabe ukhathazekile na ngerandi.

"Kunomthelela ongemuhle ekukhiqizeni," esho, wanezezela ngokuthi ukube bekungekona ukuqina kwerandi, uwoyela nokudla ngabe kubiza ngaphezulu kwalokhu okubiza khona mnje.

"Sinenhlanhla yokuba nerandi elinamandla," esho.