News24

ICosatu ibiza umbhikisho ngolwama-etolls

2012-11-15 08:09

Pretoria - ICongress of SA Trade Unions (Cosatu) isicele umphakathi ukuba ubeke uNovemba 30 njengosuku lokubhikishela ukuphikisana nohlelo lwe-etolling emigwaqeni yaseGauteng.

"Sikholelwa ekutheni uhulumeni usevele usithathile isinqumo sakhe," kusho uSihlalo weCosatu esifundazweni uPhutas Tseki etshela umphakathi ePitoli.

"Ngakho yikho sithathe isinqumo sokuthi siyobhikisha kuwona wonke ama-toll gates kuleli," esho.

UTseki uthe uma ababhikishi bebambezela kuma-toll gates abanye abashayeli bazophoqeleka ukuthi basebenzise eminye imizila uma sekuqhubeka lo mbhikisho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter