News24

Isikhulu seTelkom siphika amahlebezi

2012-09-25 12:05

Johannesburg - Isikhulu esiphezulu kwaTelkom, uNombulelo Moholi, siwachithile amahlebezi okuthi sizokwesula esikhundleni ngenyanga ezayo, uma sekuhamba uLazarus Zim, nonguSihlalo kwaTelkom, kubike iBusiness Report ngoLwesibili.

“Ayikho leyonto. Wake wangizwa ngisho into efana naleyo? Engingakusho nje ukuthi ngiyayiphika leyonto,” kusho uMoholi, ongene kulesi sikhundla ngo-Ephreli ngonyaka odlule, ubetshela iphephandaba.

Uphinde wawaphika amahlebezi okuthi uNgqongqoshe wezokuXhumana, uDina Pule, unecala lokugxambukela ezindabeni zakwaTelkom.

"Angiyazi le nto okhuluma ngayo,” usho kanje etshela iBusiness Report.

Amasheya akwaTelkom ehla ngo-13.1% ngesonto eledlule.

Okhulumela iKhabhinethi, uPhumla Williams, utshele iphephandaba ngoLwesihlanu ukuthi iKhabhinethi akukho elakudingida ngoTelkom emhlanganweni wangoSepthemba 19.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter