News24

Kusamisiwe ukusebenza emayini eKZN

2012-11-05 12:29

Durban -  Akukaqhubeki ukusebenza emayini yamalahle eDundee enyakatho yeKZN kulandela ukubulawa kwabavukuzi ababili ngeledlule.

Laba basebenzi kusolakala ukuthi badutshulwa onogada, ngoLwesithathu. Babebhikishela ukukhushulelwa amaholo.

Inyunyana i-NUM ithi abasebenzi bafuna ukwenyuselwa amaholo ngo-R2 500.

Abaphathi beForbes and Manhattan, batshele abeNewswatch ngesonto eledlule ukuthi abazimisele ngokuqhubeka nodaba lwamaholo ngenxa yokukhathazeka ngesimo sezokuphepha.

Okhulumela inkampani, uJames Duncan, uthi nakuba bezimisele ngokuxazulula lolu daba, inkampani ithintekile ngenxa yezigameko zodlame.

"Lokhu akujwayelekile eForbes. Sithemba ukuthi sizoqhamuka nesisombululo ngokushesha nokuthi imbangela yabashona izophenywa ngendlela, nokuthi impilo yabasebenzi abangaphezulu kuka-900 nemindeni yabo ibuyela kweyejwayelekile ngokushesha," usho kanje.  

Khonamanjalo, amaphoyisa awakababophi onogada abathinteka kwesokudubula ngeledlule.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • hdwala1 - 2012-11-06 16:31

    abantu beNkosi abanikwe imali yabo bangabulawa sekwanele manje

  • pages:
  • 1