News24

Kushone umvukuzi eMpumalanga

2012-11-09 12:02

Johannesburg - Kushone umvukuzi ngesikhathi evelelwa yingozi emayini iHarmony Gold ese-Evander, ngaseSecunda, eMpumalanga, kusho le nkampani ngoLwesihlanu.

IHarmony esitatimendeni ithe le ndoda ibilungisa okuthile ngoLwesine ntambama ngesikhathi yehlelwa yilo mshophi.

Inkampani ithe iyaphenya ngalesi sigameko.

Kuzomiswa ukusebenza kokutholakala kwensimbi kulo mgodi kuze kube kuphothulwa uphenyo.

Iminye imininingwane ibingakacaci kahle.



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter