News24

Siyashuba isiteleka sabasemapulazini

2013-01-14 07:53

Johannesburg - UMnyango wezabaSebenzi uzimisele ngokungenelela ekutheni uxoxisane nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ngodaba lwesiteleka sabasemapulazini, kusho uNgqongqoshe uMildred Oliphant.

Lokhu kuza ngemuva kokusabalala kwalesi siteleka ngoMsombuluko.

“Kade ngizama ukuthi kubuyelwe etafuleni kudingidwe ngalolu daba futhi.

“Kusukela kuqale unyaka, ngajuba ithimba eliholwa ngumqondisi jikelele ukuzama ukuthi izingxoxo zithele izithelo. Kube sengathi kukhona inqubekelaphambili isikhashana, kodwa konke kwaphinde kwabheda," esho.

Isitatimende sika-Oliphant siza ngemuva kokuthi iCongress of South African Trade Unions eWestern Cape imemezele ukuthi sizoshuba isiteleka ngoMsombuluko.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter