News24

URamphele wesulile kwaGold Fields

2013-02-13 14:02

Johannesburg - Isishoshovu sobandlululo esihlonishwa kakhulu uMamphela Ramphele usesulile ekubeni nguSihlalo weGold Fields [JSE:GFI] ngoLwesibili, nosekuqinise izinsolo ezithi uzosungula iqembu lezombusazwe, nahlose ukuba lidlisele ogageni i-ANC.

IGold Fields ithe uRamphele ukhethe ukushiya "ukuze aqhube umsebenzi wakhe wokusebenzela abantu, umnotho nakwezepolitiki".

Lowo owayenguSihlalo weSouth African Airways uCheryl Carolus nguye ozongena ezicathulweni zikaRamphele, kusho le nkampani.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter