News24

Ubenekhono umhleli oshonile - Umbiko

2012-07-02 14:01

Johannesburg - Kudlule emhlabeni uqweqwe lwentatheli eyake yasebenza njengomhleli wezindaba ephephandabeni iSowetan, kusho imibiko yangoMsombuluko.

UBongani Keswa, 48, udlule emhlabeni ngemuva kokushikiliswa wumdlavuza, ushonele esibhedlela iCharlotte Maxeke Johannesburg Academic Hospital, ngesithuba zawo-19:00 ngeSonto.

UKeswa wake wasebenza njengomhleli wephephandaba iSunday World.

"Enye yezinto ezihlezi obala ngoBongi, yikhono lakhe abelibonakalisa emsebenzini,"  kusho isikhulu sakwa-Avusa, esiphinda sibe ngusihlalo we-SA National Editors' Forum (Sanef), uMondli Makhanya.

"Ubenobunyoninco bokusebenzisa amagama," kusho uMakhanya.

UMakhanya uthe uKeswa ubezinikele kangangoba waze waqhuba izifundo zakhe ngoba elwela ukwenza kangcono umsebenzi wakhe.


 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).