News24

Ungase wenyuke uphethiloli

2013-01-30 10:02

Johannesburg – Ukungasimami ngendlela kwamandla emali kuholele ekutheni intengo kaphethiloli inyuke yedlule ku-100 cents ilitha, yaba ku-100.661 cents ilitha, kusukela mhlaka-29 Januwari.

Ukuguquguquka kwamanani kaphethiloli nsuku zonke, kudalwe ukwehla kwamandla erandi uma liqhathaniswa nedola.

Kumanje irandi lingu-R8.5148 edoleni laseMelika.

UMnyango wezokuMbiwa Phansi naMandla uthi ingase yenyuke intengo kaphethiloli, okungenani ngo-42 cents ilitha, kusukela mhlaka-6 Febhuwari.

Udizili wona ungase wenyuke ngo-19 cents ilitha.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).