News24

AFCON: Kuzohlangana iZambia ne-Ivory Coast

2012-02-09 10:15

Cape Town – Kuzohlangana i-Ivory Coast neZambia emdlalweni wamanqamu we-Africa Cup of Nations ozodlalwa eLibraville ngeSonto.

IZambia ishaye iGhana ng-1-0 emuva kwegoli elifakwe ngu-Emmanuel Mayuka.

Umdlalo phakathi kwe-Ivory Coast neMali nawo uphele ungu-1-0. Igoli lama-Elephants lifakwe nguGervinho odlalela i-Arsenal.

IGhana izohlangana neMali emdlalweni ozobona ukuthi yiliphi iqembu elizophuma endaweni yesithathu ngoMgqibelo.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).