News24

Abadlali bethu abawona amahhashi - Bobby

2013-06-27 10:01

Johannesburg - IKaizer Chiefs isitshele umqeqeshi weBafana Bafana uGordon Igesund ukuthi aye kwenye indawo uma efuna abadlali abazogijima koweCosafa Cup – ngoba ngeke abathole eNaturena.

Uma u-Igesund esememezela isikwati esizomela izwe eZambia, sizobe singenabo abadlali beChiefs nabe-Orlando Pirates, kubika iSowetan.

AmaKhosi asekwenze kwacaca ku-Igesund ukuthi abadlali “abawona amahhashi” njengoba nabo bedinga ukuphumula ngemuva kwesizini yePSL.

"Saba nomhlangano no-Igesund kudala samtshela ukuthi ngeke sibadedele abadlali bethu kweyeCosafa,” kusho imenenja yeChiefs, uBobby "Bobsteak" Motaung.

IPirates nayo inqabe nabadlali bayo ngenxa yokuthi inomdlalo obalulekile weCaf Champions League ne-AC Leopards, ngoJulayi 21, ngemuva kosuku kuqale iCosafa Cup.

Abadlali beChiefs abazobe bengabonwa kuBafana kubalwa u-Itumeleng Khune, Siboniso Gaxa, Mulomowandau Mathoho, Tsepo Masilela, Siphiwe Tshabalala, Bernard Parker noReneilwe Letsholonyane.

Umqeqeshi wePirates uRoger de Sa uthe: "Sihlangane no-Igesund samcacisela ukuthi abadlali bethu ngeke babe khona ngenxa yemidlalo yeCaf Champions League.”



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • Poloko Pique Mphatsoe - 2013-06-28 07:36

    u khathaza abadlali nje ngale midlalo engasile

  • pages:
  • 1