News24

AbeCeltic bazothola ingxenye yomklomelo

2012-11-29 10:02

Johannesburg - Abadlali beBloemfontein Celtic bazohlukaniselana u-R2.1million uma bekwazile ukushaya iMamelodi Sundowns kowamanqamu kuTelkom Knockout Cup, eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.

IPhunya Sele Sele ibonakale yeza kahle kulo mncintiswano kulandela ukukhipha oshampeni i-Orlando Pirates neFree State Stars.

Isikhulu saleli qembu uKhumbulani Konco utshele iKickOff.com ukuthi abadlali bazohlomula uma bekwazile ukuphumelela.