News24

Hlukanani neBafana noGordon - Safpu

2013-02-05 14:01

Johannesburg - ISouth African Football Players Union ithi labo abangakwazi ukubonga indlela iBafana Bafana edlale ngayo ku-Africa Cup of Nations "abazazi bafunani".

ISafpu isamukele isinqumo seSouth African Football Association [Safa] sokugcina uGordon Igesund njengomqeqeshi weBafana  yize ehlulekile ukufinyelela emidlalweni yama-semifinal – nokwakungumgomo owawubekwe etafuleni ngesikhathi esayina inkontileka yeminyaka emibili ngoJuni, kubika iKickOff.com.

"ISafpu ithanda ukuhalalisela umqeqeshi u-Igesund neBafana ngokumela izwe lethu ngendlela encomekayo kweye-Afcon ka-2013.

"Kungokokuqala eminyakeni eminingi yokuqasha abaqeqeshi ekuthiwa bahamba phambili emhlabeni kepha beza nemiphumela engacacile, sibona iBafana idlala ngokuzimisela. IBafana itshengise ukuzinikela okumangalisayo kanti singasho ukuthi bebebonakala ukuthi banokuzethemba."



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Comments
  • Madlangempisi - 2013-02-05 15:49

    Ngempela siyabonga ukuthi umqeqeshi anikwe ithuba lokuqhubeka, kudingeka nje azicijele ksukela manje imidlalo yango 2015 ye Afcon

  • bafana.hlatshwayo.37 - 2013-02-06 17:09

    Ngempela inhlansi yethemba ikhona kwesikubonile ngemva kuka Clive barker usazoyenzela lukhulu South Africa u Gordon

  • pages:
  • 1