News24

I-AC Milan ifuna uDrogba

2011-11-15 16:27

Milan – Iphini likamengameli we-AC Milan, u-Adriano Galliani uthi angathanda ukusayinda umdlali odlalela iChelsea, uDidier Drogba.

Owayengumqeqeshi weChelsea, uCarlo Ancelotti uthe leliqembu elidlala kwiSerie A kufuneka lizame ukusayinda uDrogba nalowo odlala naye, uNicolas Anelka.

Ekhuluma neGazzetta dello Sport ngoLwesibili, uGalliani uthe: "U-Anelka ungumdlali obalulekile, kodwa kudala ngimthanda uDrogba, kusukela izinsuku zakhe esadlalela iMarseille."

UGilliani uphikile ukuthi bazama ukuthola umdlali ozothatha isikhala sika-Antonio Cassano, onezinkinga zenhliziyo.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).