News24

I-Afcon izothathwa yiGhana – Sangweni

2012-02-06 16:30

Johannesburg – Umdlali we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSiyabonga Sangweni uthi  ubona imidlalo ye-Africa Cup of Nations inqotshwa yiGhana, kubika iKickOff.com.

"Ngiyawu landela lo mqhudelwano ngoba bakhona abadlali engibabukele, futhi ngibukele nomgane wami, uJoseph," ushilo ekhuluma ngoJoseph Musonda odlalela iZambia.

"Kodwa, ngiyayithanda iZambia, kodwa ngicabanga ukuthi le midlalo izothathwa yiGhana."

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).