News24

I-CAF imhlawulisile uRenard

2013-02-08 12:16

Johannesburg - AbeConfederation of African Football sebenike umqeqeshi waseZambia uHerve Renard inhlawulo ka-$10 000, kulandela ukukhululma kwakhe athi inhlangano ijabulile njengoba izwe lakhe likhishiwe emqhudelwaneni we-2013 African Cup of Nations.

I-CAF yamukele incwadi yesixoliso kuRenard kanjalo neFootball Association of Zambia, nokho yaqhubeka nokumnika inhlawulo elengisiwe.

Umqeqeshi washo kanjena ngemuva komdlalo weZambia neBurkina Faso, nowaphela ngokuthi iZambia iguqe.

I-CAF ithi isigwebo sizohoxa uma kuwukuthi umqeqeshi akaliphindi icala elifanayo.

URenard odabuka eFrance wathi i-CAF ibingathandi ukubona ezakhe ziphumelele, ngoba kakade abadlali ababahle ngokwanele ukuthi bangamela i-Afrika emidlalweni yeConfederations Cup.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).