News24

IGhana izodlala ngaphandle kukaMensah

2012-01-27 10:32

Cape Town – IGhana izohlangana neqembu laseMali emdlalweni we-Africa Cup of Nations ngoMgqibelo ngaphandle kuka-John Mensah, omisiwe, kubika iFootball365.co.za.

UMensah uthole ikhadi elibomvu ngesikhathi beshaya iBotswana ngo-1-0. Ulindelwe ukuthi abuye emdlalweni wabo neGuinea.

UJonathan Mensah uzothatha isikhala sakhe emuva.

Umqeqeshi weGhana, uGoran Stevenovich unethemba ukuthi iqembu lakhe lingawunqoba lo mdlalo ngaphandle kokaputeni wakhe.

"Akulula ukufaka omunye umdlali endaweni kaMensah, kodwa ngilitshelile iqembu ukuthi sizobadinga bonke abadlali ku lomqhudelwano," ushilo.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).