News24

IPirates ithembisa ngokunqoba i-United

2013-02-12 10:03

Johannesburg - UDaine Klate uthi bazi kahle ukuthi iSuperSport United yiqembu elinzima ukulishaya, kodwa wathi i-Orlando Pirates ikubheke ngabomvu ukubuya namaphuzu amathathu, kubika iKickOff.com.

“Umdlalo wethu neSuperSport United uzoba ngothakaselwe kakhulu,” kusho uKlate ku-website yeqembu.

“Sesidlale nabo kathathu kule sizini kanti asikaze sinqobe.

“Kumele sincike ezinhlelweni zethu ngomdlalo sihlalele ethembeni lokuthi sizokwazi ukuthola la maphuzu afunekayo."

AmaBhakabhaka alele isibili ohlwini lwePremiership, ngemuva kweKaizer Chiefs.

Umdlalo uzoqala ngo-19:30 ngoLwesithathu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter