News24

ISAFA ishaqekile ngokushona kukaMadigage

2012-10-19 10:04

Johannesburg - Umengameli weSAFA uKirsten Nematandani uthe bashaqekile ngokudlula emhlabeni kwesekela lomqeqeshi weBafana Bafana uThomas Madigage.

UMadigage, 41, ushone engozini yemoto ngaseBurgersfort, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesihlanu ekuseni.

"Singaqinisekisa ukuthi ushone izolo ebusuku ngabo-22:00," kusho uBrigadier Hangwani Mulaudzi.

UMadigage ubehamba yedwa ngemoto yakhe kuR37 -- phakathi kwePolokwane neBurgersfort -- ngesikhathi imbongolo iwela umgwaqo, yase imoto iyaphaphalaza.

UMulaudzi udlulisele amazwi enduduzo emndenini wakwaMadigage nakwezebhola kuleli

UMadigage, ubese esebenze isikhathi eside neqembu i-SuperSport United, kanti waqokelwa kwesesekela likaGordon Igesund ngoJulayi.
 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • andrea.magqwashe - 2012-10-19 16:10

    LALA NGOXOLO BHUTI WENA UBULITHANDA IBHOLA KWAYE NATHI SIFUNA ABANTWNA BETHU BENZE NJENGAWE BAKHONA ABAKULINDELEYO NGAPHAMBILI LIVE UP THE SPIRIT OF SOCCER BANTU ABAMNYAMAYEKANI UKUTHAKATHA ANDIKA VUMI UKUTHI UMKILE NDITHINDAKUCINGA NGE CAP YAKHO YECAWE NDIBUZE UKUBA UTHIXO EBEPHI ANGAMNQANDI Usathana NGUWE UBUSIBONISA UKUBANABA THANDAZAYOBAYALITHANDA IBHOLA ANDEAR MAGQWASHE

  • pages:
  • 1