News24

Kushone umdlali webhola eSomalia

2011-02-22 14:21

Zurich - UMengameli we-FIFA uSepp Blatter udlulisele amazwi enduduzo eSomalia emuva kokuthi leliya lizwe lilahlekelwe omunye wabadlali abanoyhlonze nobulawe ibhomu eMogadishu.

Umdlali u-Abdi Salaan Mohamed Ali obedlalela u-under-20 ubephakathi kwabantu abayisishiyagalombili ababulewe ngesikhathi kupakwe imoto enesiqhumane ngasesiteshini samaphoyisa ngoMsombuluko.

Abanye abadlali ababili, nokunguMahmoud Amin Mohamed noSiid Ali Mohamed Xiis, bebeyingxenye yabantu abangu-35 abalimele kulokhu kuhlasela.

UBlatter ubhalele uMengameli wenhlangano yebhola elzinyawo eSomalia uSaid Mahmoud Nur ezwakalisa ukudabuka.