News24

Kuzoba nzima ukushaya iSundowns - Baxter

2013-02-11 14:02

Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter uthi ukuzimisela okuphindiwe kuphela okungasiza ezakhe zikwazi ukushaya iMamelodi Sundowns, emdlalweni wangoLwesibili, kubika iKickOff.com.

AmaBrazilians azodlala naMakhosi eLoftus Stadium, uBaxter uthi angeke kube lula ukudlula kuDowns, ikakhulu njengoba umqeqeshi wayo uPitso Mosimane, ethe ukuguqula izinto eqenjini.

"Bazofuna ukukhombisa abantu ukuthi izinto sezishintshile njengoba sekukhona uPitso. Angeke ube lula neze umdlalo, kumele sizimisele ngokuphindiwe," kusho umlolongi.