News24

Nabangalazi ibhola bagxeka iBafana - Zuma

2013-01-15 14:07

Johannesburg - Kunabantu abaningi abagxeka iqembu lesizwe iBafana Bafana, abanye babo abakaze balithinte nangobhozo ibhola noma badlale elikhokhelayo, kusho uMengameli Jacob Zuma ngoLwesibili.

"Baningi kakhulu abantu abagxekayo. Bengitshela iqembu nje ukuthi iningi labo alikaze lilidlale ibhola," kusho uZuma.

"Abazi ukuthi kunjani ukuba lana."

UZuma ubekhuluma emhlanganweni wangasese neqembu e-Orlando Stadium, eSoweto, ngaphambi kwemidlalo ye-African Cup of Nations (Afcon).

Ehamba noNgqongqoshe wezemiDlalo uFikile Mbalula, uZuma uthe abadlali bangaxhamazeli.

"Kumele silikhuthaze iqembu ekutheni lingangenwa ngamanzi emadolweni futhi bangabanaki labo abagxekayo, kepha badlale lokho abakwaziyo."

UZuma ube esecela ukuthinta indondo ye-Afcon, wanikezwa nejezi lebhola elinegama lakhe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • mthetheleli.mgwaba - 2013-01-15 14:42

    Abangan bakho kuyoba kuhle baktshele kuthi akgaywa lon ivoti la! Ebholeni senza lent okthiwa yi str8 talk, mawboza uyatshelwa kuth yaboza kuze ungaqhubeki nakho, asgigiyeli la!

      fistoz.mtshali - 2013-01-15 17:51

      Akusafanele azikhulumele ngob'unenkinga yokubhimba , kulonyaka nje uwodwa usebhede kaningi ,ekhuluma ngezinj'angahlangene ngazo

  • siphelele.siphelele.9 - 2013-01-15 15:55

    uzuma akazito gabola wazi abafazi liqembu lesizwe eli wonke umtu uyalitanda .

  • pages:
  • 1