News24

Ngeke adlale kolandelayo uMajoro

2013-01-24 07:34

Durban - Umdlalo weBafana Bafana obunomfutho, nophele ngo 2-0 we-Africa Cup of Nations ngesikhathi iguqisa i-Angola, uphele sekumuncu ngesikhathi kulimala uLehlohonolo Majoro, nokubikwa ukuthi angase aphuthwe yimidlalo emibili.

Lo mgadli, nongene enkundleni kwacaca ngesikhathi evalela igoli phakathi, ushayisane kabi nonozinti wase-Angola ngemizuzu yokugcina umdlalo uphele, kubika iKickOff.com.

UMajoro ulimale kabi embaleni.

Ube esethola izitishi ethimbeni lezempilo, nelimazise ngokuthi ngeke adlale uma ezakhe sezitholana phezulu neMorocco, kanti uma iBafana idlulela phambili ngeke futhi abonakale kulowo mdlalo.

Lezi yizindaba ezimbi kumqeqeshi uGordon Igesund, nosevele ulinyalelwe uLerato Chabangu noKagisho Dikgacoi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • bhekithemba.hlabisa - 2013-01-24 08:04

    zindaba ezibuhlunguke lezi

  • pages:
  • 1