News24

Ngeke izithambise iBafana - Igesund

2013-01-23 07:47

Durban - Umqeqeshi weBafana Bafana uGordon Igesund usephinde wagcizelela ekutheni ezakhe ngeke zitshengise kwesaba kanti futhi zizobhukula uma sezibhekene ne-Angola kowe-Africa Cup of Nations kusihlwa, kubika iKickOff.com.

Womabbili la maqembu azongena kulo mdlalo azi ukuthi uma elinye lingase linganqobi kusho ukuphela kwendlela kule midlalo.

Ayadingeka amaphuzu amathathu, u-Igesund uhlela ukwenza izinguquko agqugquzele nabadlali ukuthi badlale ngokuzimisela.

"Kuzoba ngumdlalo owehlukile lo, sizobekezela ukuze sithole imiphumela ezojabulisa izwe," kuqhuba u-Igesund.

Yize umqeqeshi kumcacele bha ukuthi ezakhe zizobe zidlala neqembu eliyingozi, kodwa ukhuthaza abafana bakhe ukuthi bangazithambisi eMoses Mabhida Stadium.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter