News24

Ngingayisiza iBafana - Inyanga

2013-01-21 08:34

East London - Inyanga yase-Eastern Cape, uReuben Matewu, uthi angayisiza iBafana Bafana ukuba inqobe imidlalo ku-Africa Cup of Nations (AFCON).

INingizimu Afrika idlale umdlalo ongenamagoli neCape Verde Islands eNational Stadium ngoMgqibelo, nokunyuse ukukhathazeka ngokuthi bangase bakwazi ukufaka amagoli kule midlalo.

"Ngingayisiza iBafana Bafana mahhala uma ithanda, ngingaqala ngemidlalo emithathu," kusho uMatewu esiteshini somsakazo i-trufm, ngeSonto.

"Ngizobe sengiqala ngibabiza imali uma sebebona imiphumela emihle.

"Angifani nalaba abasebenzisa umuthi omubi. Ngisebenzisa amakhambi atholakala kalula kulona leli."

INkosi uMwelo Nonkonyana, noyisekela likamengameli weSA Football Association (SAFA) aphinde abe nguSihlalo wekomidi elihlela imidlalo ye-AFCON, uthe isiphakamiso sikaMatewu singase sibhekisiswe.

"Sihleli silindele noma ngabe yiluphi usizo olungenza iBafana yenze kangcono," kusho uNonkonyana.

USibonelo Madela, noyinyanga yasoLundi, KwaZulu-Natal, waqalekisa iBafana ngokuthi ngeke iwine ngoba iyamkweleta.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Comments
  • Senzo Khumalo Empang'sweni - 2013-01-21 09:39

    Ngsacela izikhulu zethu zakuSAFA zilusukumele ngokushesha loludaba lwesiphakamiso sikaRueben Matewu sokunceda iqembu lethu lesizwe singadlali ne-Angola ngoLwesithathu phela bantu bakwethu siyaydinga lendebe nathi kesibuyise ukuzethemba. Mina-ke nginitshele umuthi ukhona n futhi uyasebenza njengalokhu sibona namaphilisi odokotela esebenza nawoke unjalo-nje

      sipjubhe - 2013-01-21 10:01

      Uma iSafa isebenzisa ukubukela phansi isiphakamiso sikaRuben Mateu,izobona lelizwe lishabalala kwezikanobhutshuzwayo.Iyoshintshaabaqeqeshi koze kubuye ikula eMngeni. Uma bayabona alikho izwe elingenasithixo salo.Amagoli akhona kodwa avinjiwe yisiqalekiso sikaSibonelo Madela.Mabamkhokhele ukuze liwine iqembu lethu.

  • sipjubhe - 2013-01-21 09:54

    Izinhlaka ezihlela imidlalo mazisithathele phezulu lesisiphakamiso.Ebese bekhokela nomnu-Sibonelo Madela.Ngicabanga ukuthi sebebonile manje ukuthi ngeke iBafana ikole. Bangabantu abamnyama mabayeke ukubukela phansi izinyanga zase Afrika.

  • pages:
  • 1