News24

Sekuhoxe ukaputeni weChippa

2012-11-02 10:32

Cape Town - Zibukeka zisekude ukuphela izinxushunxushu komakoti beligi iChippa United, ngemuva kokuthi umdlali wasemuva, uGift Sithole, esehoxile kwesokuba ngukaputeni weqembu.

I-United ibe sezindabeni kuleli sonto ngesikhathi iqoka umqeqeshi wesine kule sizini, ngemuva kokuxosha uRoger Sikhakhane bafaka uFarouk Abrahams esikhaleni sakhe.

Abanye abaqeqeshi abake balunguza kuChilli Boys kule sizini ngoJulius Dube noManqoba Mngqithi, nabaxoshwa besadlale imidlalo emibili nje vo.