News24

UBobby ubuyele enkantolo

2012-12-03 12:02

Johannesburg - Imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi eNelspruit ngoMsombuluko njengoba kulindeleke ukuba kuphume ilanga lokuqulwa kwecala lokukhwabanisa elithweswe yena nabanye asolwa nabo.

UBobby waboshwa ngo-Agasti kulo nyaka ngezinsolo zokuthola ithenda ngomgunyathi ngesikhathi kwakhiwa inkundla yebhola iMbombela Stadium yesamba sika-R1billion ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ka-2010.

UMotaung ungaphandle ngebheyili ka-R50 000 kanye nalabo asolwa nabo, okunguHerbert Theledi noChris Grib.

Lowo owabe eyimenenja kaMasipala waseMbombela uJacob Dladla noTebogo Khubeka – owayeyi-technical manager Ehlanzeni District Municipality – nabo basolwa  ngokuba nesandla kulo mkhonyovu.

IMantshi uNaomi Engelbrecht kulindeleke ukuba akhiphe ilanga lokuqulwa kwecala kulandela ukuba abashushisi boMbuso becele ukuba icala lihlehliswe ukuze bonke abasolwa bavele ngosuku olulodwa enkantolo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 


Comments
  • Khomotso - 2012-12-03 14:19

    MMUSO AO BAPALE TEMA YA WONA

  • pages:
  • 1