News24

UDe Sa uzothatha isinqumo ngoBenni

2012-11-19 10:01

Johannesburg - I-Orlando Pirates ithi ayifuni kwenzeke iphutha ngokululama komgadli uBenni McCarthy, nokuthiwa wenza kahle kakhulu kulandela ukulimala kwakhe umsipha.

Umqeqeshi wePirates uRoger de Sa uzothatha isinqumo sokuthi ngabe lo mgadli ukulungele yini ukudlala ngaphambi kokuthi iqembu litholane phezulu neBlack Leopards ngoLwesithathu.

Uthi akajahile ukuthi lo mdlali ohamba phambili ngamagoli awafakela iBafana Bafana abuyele enkundleni ngenxa yokusabela ukuthi angaphinde alimale futhi.