News24

UHunt ugxeka i-Orlando Pirates

2013-02-14 10:05

Johannesburg - Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt uthi lilodwa iqembu ebelidlala enkundleni yezemidlalo i-Orlando Stadium, ngoLwesithathu ebusuku, wathi lelo qembu akubanga yi-Orlando Pirates, kubika iKickOff.com.

AmaBhakabhaka avalele laba linye phakathi, lishaywa ngu-Oupa Manyisa, kwaba ukunqoba kwawo lokho, nokubuyisele iqembu esicongweni sePremier Soccer League.

“Ngiphoxeke kakhulu ngoba besizitshellile ukuthi sizodlala, abadlali bePirates bebevale emuva belinde ukuthi silahle ibhola. Lokhu kungesinye sezizathu ezenza neqembu lesizwe lihluleke," kusho uHunt ngemuva komdlalo.

UHunt uthi bekungamele iPirates inikwe i-penalty.

“Bavele baphiwa nje i-penalty, ukube bekuyi-penalty ngempela, bekuzomele kuphume nekhadi elibomvu. Kuchaza ukuthi ngempela lokhu?"



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • ddjrica - 2013-02-14 10:18

    that true : bekungsiyo iphenathi.. read a ful story

  • tedlomo - 2013-02-14 10:21

    Uma bekudlala ezakhe kuphela uHunt,kungani kungawinanga iqembu ebelidlala.Sour grapes Hunt.Shapaaaa Bhakajuju....Shapaaaa

  • nkanyiso.shandu.9 - 2013-02-14 10:32

    U Hunt uyasangana. Angakhalaza nge penalty hhayi nge game plan ka RDS. Uyisebenzisile yamsebenzela. Kusho ukuthi i Chealsea kumele igxekwe ngendlela eyadlala ngayo mhla idla i Barcelona kwi champions league. Akahambe ayozihenga u Hunt

  • mlungisi - 2013-02-14 16:27

    Bekungesiyo ipenalty kodwa ke ipenalty ayiphendukanga igoal. Udliwe Hunt vuma induku impilo iqhubeke.

  • xolani.mtho - 2013-02-18 14:51

    hunt must not blame pirates.Chelsea beat Barcelona using the same strategy.

  • pages:
  • 1