News24

UKekana angathola ithuba emdlalweni neWits

2011-09-13 16:29

Pretoria – Umdlali omusha weMamelodi Sundowns, uHlompho Kekana uthi uthemba ukuthola ithuba lokudlala emdlalweni weligi neBidvest Wits ngoLwesibili, kubika iKickOff.com.

Lo mdlali odlalela iqembu lesizwe iBafana Bafana ujoyine iSundowns ngenyanga edlule emuva kokusayina inkontilaka yeminyaka enithathu.

"Kungabakuhle ukunqoba umdlalo wami wokuqala neqembu lami elisha," ushilo lo mdlali ekhuluma neKickOff.com.

"Angeke ubelula lo mdlalo neWits, njengoba nabo bezobe befuna amaphuzu, kodwa sifuna ukuqhubeka ngendlela esiqale ngayo isizini."

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).