News24

UKhenyeza ubuyela eKapa

2011-06-23 16:35

Pretoria – Kubukeka sengathi uMabhuti Khenyeza uzoyishiya iMamelodi Sundowns, abuyele eKapa kwi-Ajax Cape Town, kubika iKickOff.com ngoLwesine.

I-Ajax Cape Town yenze isicelo sokuthenga lo mdlali.

UKhenyeza wayengumdlali obalulekile kuleli qembu, kodwa wahamba emuva kokuxabana nomqeqeshi, uMuhsin Ertugral.

Omunye ozobuyela kwi-Ajax yilowo odlala esiswini, uMfundo Shumana, obedlalela iMoroka Swallows kwisizini edlule.