News24

UKlate akanavalo ngeBafana

2013-02-01 14:02

Johannesburg - Umdlali we-Orlando Pirates uDaine Klate utshele iKickOff.com ukuthi nakanjani iBafana Bafana izoyinqoba iMali uma la mazwe esegadulisana kuma-quarterfinals owe-Africa Cup of Nations ngoMgqibelo eThekwni.

UKlate, nongabanga yingxenye yesikwati esigijima kule midlalo, uthe ubone izimpawu ezigqugquzelayo ngokudlala kweBafana.

"Ngicabanga ukuthi iqembu lidlala ngokukhulu ukuzinikela kamuva… bakhipha izikhwepha, nokuyinto enhle," esho.

"Uma singadlala ngokufanayo zonke izikhathi, ngicabanga ukuthi wonke umuntu uzojabula. Wonke umuntu osesikwatini ufakwe ngenhloso ngakho kumele sibeseke.

"Sengike ngayibona iMali uma idlala kanti ayilona iqatha elingabinda iBafana."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Comments
  • thandeka.dlamini.35574 - 2013-02-02 06:35

    okumhlompe kodwa bafana basekhaya

  • pages:
  • 1