News24

UMeyiwa ufuna ukudlalela iBafana

2011-03-14 07:35

Johannesburg – Unozinti weOrlando Pirates, uSenzo Meyiwa uthi ufuna ukudlalela iqembu lesizwe, iBafana Bafana emuva kokudlala kahle kumdlalo wabo neMamelodi Sundowns kwiNedbank Cup.

Ekhuluma neKickOff.com, uMeyiwa uthe uyajabula ukudlala njengoba uhlale ebhentshini isikhathi eside.

Manje, uMeyiwa uthemba ukuthi angalenza iqembu lesizwe.

"Ngesikhathi sibancane, mina noItumeleng Khune sasifisa ukudlalela iBafana Bafana."