News24

UNtshumayelo ufuna ukugcina uJali ebhentshini

2012-02-24 11:50

Johannesburg – Umdlali odlala esiswini eqenjini le-Orlando Pirates, uThandani Ntshumayelo uthi ufuna ukuqhubeka ngokudlala kahle phambili ko mdlalo wabo weligi olandelayo, kubika iKickOff.com.

IPirates izohlangana neMaritzburg United e-Orlando Stadium emdlalweni wePremier Soccer League ngeSonto, futhi uNtshumayelo uthi ufuna ukugcina u-Andile Jali ebhentshini.

Lo mdlali odlalela iqembu lesizwe labadlali abangaphansi kweminyaka engu-23 usedlale kahle emidlalweni ayiqalile eqenjini lakhe Elisha.

"Nginehlanhla ngoba ngidlala nabadlali abadlala kahle, yilokho ngiqale kahle," ushilo uNtshumayelo ekhuluma neKickOff.com.

Emuva kokushaywa yiRecreativo do Libolo yase-Angola emdlalweni weCAF Champions League, umqeqeshi wePirates, uJulio Leal ushiye u-Andile Jali ngaphandle emdlalweni wabo wokugcina ne-Platinum Stars.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • khumbulani.wiseman.3 - 2012-06-20 16:57

    yebo khona izidakamizwa azivumelekile kodwa mabangadlali ngomamabona waziwinela nje kwacaca abamyeke aqhubeke nokuwina izindondo zakhe inkosi isizo ozisizayo.

  • khumbulani.wiseman.3 - 2012-06-20 17:03

    abahambe usweswe no amidu ilikho ibhola ekede belidlala abahambe beyoxukuza ku leopad abasadingeki nje ngempela.

  • pages:
  • 1