News24

USerero unguLionel Messi wakuleli - Igesund

2013-01-04 08:59

Johannesburg - Umqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana uGordon Igesund, uthi amagalelo kaThulani Serero eqenjini lesizwe, angawafanisa namagalelo kaLionel Messi, kuBarcelona.

Umbiko wefootball411.com, uthi uSerero ungumdlali obengabazeka emidlalweni ye-2013 Africa Cup of Nations, ngenxa yokushaywa indiva yiqembu lakhe i-Ajax Amsterdam.

Kodwa u-Igesund uthi ukholwa wukuthi iBafana iyamdinga lo mdlali.

"UThulani Serero ungumdlali obaluleke kakhulu. Uyakwazi ukudlula emadodeni futhi usamncane. UnguLionel Messi waseNingizimu Afrika,” kusho u-Igesund.

"Yize enokulimala, usuku nosuku ukhombisa ukuba ngcono. Kuyothi kuqala imidlalo uyobe eluleme ngokuphelele ukuthi angadlala imizuzu engu-90.”


 

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • lobert.mhlanga - 2013-01-04 09:26

    Kodwa bakwethu amaphutha esiZulu amaningi kangaka kanti kuzoze kulunge nini?

  • pages:
  • 1