News24

USteenkamp usekulungele ukudlala

2011-01-12 10:23

Johannesburg - Umdlali weqembu lebola lombhoxo amaSpringbok uGurthrö Steenkamp wamukelwe ngenhlokomo emva kokuthi udokotela ethe usekulungele ukudlala emva kokuphuka ingalo kanti ke uthi usengabuyela enkundleni ukyodlala nozakwakhe bakumaBulls.

USteenkamp, nobephethwe ngeqoma njengoba eze waba ngumdlali ovelele ngonyaka ka2010, ubesebenza kanzima nomqeqeshi weBulls uBasil Carzis ukuze abe sezingeni uma sekuqala isisini yeSuper Ruby ngenyanga ezayo.

NgoLwesibili uSteenkamp wahlolwa uchwepheshe nowathola ukuthi ithambo seliphole ngokwanele kulandela ukuphuka, wabe esethi ukulungele ukudlala.

Okwamanje kubukeka sengathi amaBulls azoqala isizini entsha engenabadlali abalimele.

UAkona Ndungane naye uzobe ebhekiwe kulandela ukungadlali kwakhe amasizini amabili ngesikhathi ephuka imilenze yomibili, kodwa ke manje ubukeka esekulungele ukudlala.