News24

UVV uchitha eyeSupersport

2012-04-13 16:25

Johannesburg - Imenenja yalowo obeqeqesha iKaizer Chiefs uVladimir Vermezovic oxoshwe ngoLwesine, ithi akulona iqiniso ukuthi uVV uzoya eqenjini iSport United, kusho imibiko ngoLwesihlanu.

U-Ivica Stankovic, usho kanjena ekhuluma neKickOff.
 
"Ngiyakuphika ukuthi sixoxisana neSuperSport United. Akaza nakanye sikhulume nabo, ayi ngisho emaphushweni," echaza.
 
Ngokusho kukaStankovic, uVermezovic, uzoqhubekanokuba kuleli laseNingizimu afrika okungenani kuze kuphele inyanga ka Ephreli.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).