News24

UZuma uthulele uDu Toit isigqoko

2012-08-31 07:32

Pretoria - UMengameli Jacob Zuma uhalalisele umbhukudi wakuleli uNatalie du Toit ngokuba ngowokuqala wakuleli ukuthatha indondo yegolide kumaParalympics abanjelwe eLondon, kusho isitatimende esikhishwe yiHhovisi likaMengameli.

UDu Toit unqobe kowamanqamu wabesifazane we-100m butterfly.

"Sithanda ukuhalalisela uNatalie ngokuphinde ahlanganise leli lizwe ngemfudumalo yokunqoba kumaParalympics kanti asingabazi ukuthi ezinye izindondo zisazolandela," kusho isitatimende.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter