News24

Ukhala ngabalandeli u-Igesund

2013-01-11 09:00

Johannesburg - Njengoba luza lunyelela usuku lokuqala kwemidlalo ye-Africa Cup of Nations, umqeqeshi weBafana Bafana uGordon Igesund, usezwakalise ukukhathazeka kwakhe wathi abantu abanakho ukweseka iqembu lesizwe.

U-Igesund ukhale ngokuhahamezwa kukaKatlego Mphela, okwenzeke ngesikhathi iqembu libhekene neNorway, eKapa.

“Bakhona abantu abalithokozelayo ibhola kodwa abaningi abanawo lowo mdlandla. Abadlali nabo bangabantu, uma umdlali ethola ukwesekwa udlala kangconywana.”

Abathandi bebhola bagxeka kakhulu uMphela bethi ulahle amathuba amaningi ehlulwa ukushaya amagoli.

"Angibonanga sengathi uKatlego udlale kambi. Uma ufundisisa umdlalo wakhe wemizuzu engu-45 namathuba awatholile," kusho u-Igesund.

“ Sizowashaya amagoli, sizokuba nemidlalo emihle.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • skhumbuzo.zungu.18 - 2013-01-11 15:16

    Naye ufaka abadlali abehluleka kudala akafake abadlali abasha abalambele ukudlalela isizwe abafana baka under 23

  • mthokozisi.ngobese.3 - 2013-01-13 00:20

    Yazini akavele uyilande yonke i-cheafs cz sibona yona yodwa.Gaxa,Kune,Paker,Mojoro,Lensulunyane,tshabalala,. Akavele abalande bonke bazodlisa njenge jwayelo. Angashiya u-Andile jali. If kunje ngike i-win nowodwa umdlalo

      thando.shezi.338 - 2013-01-14 15:18

      Nawe ngeke u phase neyodwa i exam noma i interview ngale spelling sakho

  • pages:
  • 1