News24

Ulaliswe esibhedlela u-Igesund

2013-02-13 14:02

Johannesburg - Umqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana uGordon Igesund, usesibhedlela kusukela ngoLwesibili, kulandela ukuthi akhale ngobuhlungu esiswini, kusho inhlangano yebhola kuleli iSA Football Association.

"Ukuhlolwa okwenziwe kuthi kungenzeka ukuba une-appendicitis," kusho isitatimende seSafa.

UDokotela Ephraim Nematswerani, okunguye onyanga u-Igesund, uthi nakanjani ukholwa wukuthi u-Igesund une-appendicitis.

"Uzoqhubeka ahlolwe kuze kuzoba nesiqiniseko, nokho uzolulama maduzane. Akusiyo into embi kangako," kusho uNematswerani.

U-Igesund waqokelwa kwesokuqeqesha iBafana ngoJuni ngonyaka owedlule, waphinda waba yingxenye yeqembu njengoba bekuqhubeka imidlalo ye-Africa Cup of Nations.

Lo mqeqeshi oneminyaka rngu-56 ubudala, nguyena kuphela umqeqeshi oseke waqeqesha amaqembu amane amakhulu e-Premier Soccer League, okuyiManning Rangers, Orlando Pirates, Santos neMamelodi Sundowns, waphinde wawanqobela izicoco.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).