News24

Useshaye ingwiji uKeshi

2013-02-12 12:03

Johannesburg - Inhlangano iNigeria Football Federation ithi umqeqeshi weqembu lesizwe uStephen Keshi, ukumisile okwesikhashana ukuhoxa kwakhe emsebenzini wokuqeqesha njengoba kusaqhubeka izingxoxo.

UKeshi uveze ukuthi uhambise incwadi yokwesula, ngesikhathi ekhuluma emsakazweni wakwa-SABC ngoMsombuluko.

Uhambisa le ncwadi nje usanda kuqopha umlando, iNigeria yanqoba umdlalo we-2013 African Cup of Nation, ngemuva kweminyaka ethi ayibe ngu-20, iNigeria ikhala ngaphansi.

Inhlangano ikhiphe lesi sitatimende ngoLwesibili, sisayinwe ukuthi siphuma kumqeqeshi uqobo.

"Yize noma kukhona la ngingathokozile khona ngendlela izinto ezenzeke ngayo kuqhubeka i-Afcon, egcine inqotshwa yiqembu lami. Ngiyakhulumisana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo," kusho isitatimende sikaKeshi.

"Ngiyajabula ukusho ukuthi ngizoqhubeka nomsebenzi wami."




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • biko.zuma - 2013-02-12 14:25

    Kufanele aqhubeke NFA ilungise izikhalozakhe usayakude cause uyawazi umsebenzi wakhe akufani neSouth Africa encoma ucoach ehlulekile futhi singamahost siphume ekuseni ngenxa kaSAFA noMinister of Sports ongazilutho ngebhola kunconywa ihlazo ayikonakele akukhethwe kabusha iSAFA kufakwe nabadlali abadala.sory ngokuphuma esihlokweni

  • pages:
  • 1