News24

Uzimisele ngokubuya uBenni

2012-11-30 14:02

Johannesburg - Isethenjwa somdlali we-Orlando Pirates uBenni McCarthy uthi useluleme ngokuphelele futhi uzimisele ngokunikwa ithuba abuyele enkundleni enze adume ngakho, kubika iKickOff.com.

UMcCarthy wadonseka imisipha ngesikhathi edlalela iqembu lesizwe libhekene neBrazil, eSao Paolo, mhlaka-7 Septhemba.

Kusukela lapho ubengadlali, uthi njengamanje uzizwa eluleme ngokuphelele futhi ukulungele ukunikwa ithuba.

"Kade ngalulama, bengiziqeqesha nabadlali. Ngizizwa ngisesimweni esifanele ukuthi ngingadlala enkundleni, ngilinde ithuba nje kuphela," kusho uMcCarthy, ebhala ku-website, yeqembu.

"Engingakusho ukuthi ngiyawazi umdlalo wami, ngiyakwazi ukukhanda amagoli. Ngizoqhubeka nokuzimisela ngenze okulindelekile kimi. Kade ngaliqala ibhola ngicabanga ukuthi ngiyazi ukuthi yini ekumele ngiyenze ukuze ngizothola ijezi."





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • amelane2 - 2012-12-03 11:55

    Izindaba ezijabulisayo ukuthi useluleme uBennie McCarthy empeleni kumele ashaye amanqaku ngo mgqibelo uma sibulala impofane

  • pages:
  • 1