News24

I-Avante izobonga abalandeli

2012-07-17 10:01

Durban - Iqembu lomculo wokholo i-Avante eliqhamuka KwaMashu, enyakatho neTheku, lizogubha iminyaka engu-20 laba khona nabalandeli balo kuleli sonto.

Imigubho izoqala eGauteng, eSwazini naseLimpopo, bese igoqwa KwaZulu-Natal, kubika iDaily Sun.

Leli qembu lasungulwa ngo-1992 linamalungu ayisihlanu, kodwa amabili kuwona asadlula emhlabeni.

Owaleli qembu uLinda Gcwensa uthe manje sekuyisikhathi sokuthola abantu abazongena ezikhaleni zalabo abashona.

Uthe: “Ukufaka abanye abantu ezikhaleni zabo akuyona into elula, yikho nje besimanqika isikhathi eside kangaka."