News24

Ingoduso kaJohn Legend ifuna umshado la

2013-02-15 07:41

Los Angeles - Ingoduso kaJohn Legend uChrissy Teigen uthi usenqumele lo mculo osho ngezwi lakhe kuchazeke abaningi, ugwayi katiki wokuthi amshade ungakagoqwa lo nyaka kungenjalo uyamshiya.

UChrissy  - nosethandane nalo mculi owaduma ngeculo elithi Ordinary People, iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kokuthi amcele umshado ngoDisemba 2011 - usethe ukhathele ukulinda manje.

Uthe: ''Silokhu sihlehlisa usuku lomshado. Uma ngingashadanga kulo nyaka ngiyaphuma kulobu budlelwano."

UChrissy uthi uJohn, 34, wamcela umshado ngoba ephushwa ngabangani bakhe nezihlobo.

Uphinde waveza ukuthi uzimisele ngokuba nezingane engakashadi.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



Comments
  • ayanda.mbonambi1 - 2013-02-15 08:24

    Uyalunga uJohn.

  • pages:
  • 1