News24

UBenni ubuyele emculweni

2013-01-16 08:18

Johannesburg - Umgadli we-Orlando Pirates neBafana Bafana uBenni McCarthy ubuyele emculweni ngeculo elibheke ukuhlanganisa abathandi bebhola ezwenikazi i-Afrika.

UBenni ukhiphe iculo elithi Viva Africa, nathi ngeleBafana nemidlalo ye-Africa Cup of Nations, nezoqala ngoMgqibelo.

Ngo-1996 uMcCarthy wahlangana neTKZee baqopha iShibobo, neyashisa izikhotha, kulandisa iSowetan.

Leli culo selithole ukudlalwa eziteshini zomsakazo ezinkulu  kuleli, okubalwa uMhlobo Wenene, Kaya FM neYFM.

UBenni uveze ukuthi kukhona elinye iculo elithi AmaBhakabhaka, alibhale ngoba ebonga leli qembu ngokumeseka nokungamlahli lapho abaningi bethi sekuphelile ngaye, nelizophuma maduze.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter